Kira Tait
Abstract
ISIFINYEZOYiziphi izincazelo ezakhiwa izakhamuzi, ezikhuluma ulimi oluthile futhi eziphila ngaphansi kosiko oluthile, mayelana namagama omthetho ekubonakala asevele esunguliwe? Yiziphi izici ezinomthelela kwindlela abantu abajwayelekile abahumusha ngayo lamagama omthetho ezimweni zabo zendawo? Leliphepha lifuna ukuphendula lemibuzo ngokuhlola izincazelo ezakhiwa abantu abamnyama abajwayelekile baseNingizimu Afrika mayelana namalungelo. Esikhundleni sokugxila egameni lesiNgisi elichaza amalungelo, elivamise ukuba nencazelo ehlanganiswe nemibono yenkululeko yaseNtshonalanga, leliphepha lihlola izincazelo zamalungelo ezihlaliswe olimini lwasekhaya, ngesiZulu. Ngeyame kuhlaka lokucabanga lwezifundo zenhlalo-mthetho kanye nendlela yokucwaninga ukuhumusha, ngiphikisa ngokuthi abantu abamnyama abajwayelekile baseNingizimu Afrika sebezakhele izincazelo zabo zamalungelo ezivela ekuboneni kwabo ukuthi bazizwela kanjani amalungelo empilweni. Ngokungaqhathanisi izincazelo zamalungelo ezivela ekuhlukaneni kwamalimi, ngithola ukuthi ukuqonda amalungelo (ngesiZulu), ngomongo, yikhona okwazise izincazelo ababenazo zamalungelo (ngesiNgisi). Ngiphetha ngokuthi, lezincazelo zikhombisa indlela yabo yokuhlalisa nokuqonda ngolimi lwasekhaya ukuthi amalungelo ayini, ukubaluleka kwawo, nokuthi kufanele asebenze kanjani ngokuhambisana nezimo zabo zempilo njengabanikazi bamalungelo. Lokhu okutholakele, kusekelwe izingxoxo ezingamashumi ayisikhombisa nesikhombisa (77), ezenziwe nabahlanganyeli abayikhulu neshumi (110) Empangeni naseMlazi, KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika, ngonyaka ka-2018.
Citation format
TAIT, Kira. Yini amalungelo? Ukubukwa kwamalungelo ngehlo lolimi namasiko endabuko eningizimu afrika yangemva kobandlululo. South African Journal on Human Rights, 2026.